News Avenue
Sports / Ezemidlalo

KUWABHEDELILE AWASE KZN KWI MTN 8

KUWABHEDELILE AWASE KZN KWI MTN 8

Izinto azihambanga kahle kuma qembu ase KZN abenesifiso sokudla umhlanganiso kowe MTN 8 Cup.

Umdlalo wokuqala benkungowe Stellenbosch FC ebeyidlala namaZulu FC. Izinga lalo mdlalo beliphezulu kakhulu.

 AmaZulu iwona alibeke enethini kuqala. Kodwa isheshe yaphendula iStellies kwaba u1-1. 

Kuhambe isikhathi sabuya iStellies kwaba ngu 2-1. AmaZulu awazibekanga phansi agcina elitholile elokulinganisa kwaba u2-2. Lomdlalo uphele zibambene ngawo u2-2. 
Kube sekuyiwa esikhathinini esengeziwe. Ilibeke phakathi iStellies, umdlalo wagcina uphela kungu 3-2.

Elinye iqembu lase KZN elishaye udaka kulomncintiswano kube iRichards Bay ebeyidlala neMamelodi Sundowns, akuphelanga sikhathi esingakanani yalibeka enethini iSundowns. 

Ingcindezi yeSundowns iholele ekutheni iRichards Bay izishayele lona igoli, okwenze iSundowns ihambe phambili ngo 2-0. Iphinde yabuya namagoli amabili ngaphezulu. Umdlalo ugcine uphela ngo 4-0.

AmaSemi Final azodlalwa kabili, ekhaya nasekuhambeni. Amaqembu azoncintisana i-Orlando Pirates ezodlala neSundowns. Umdlalo wokuqala uzokuba e-Orlando Stadium.
Enye iSemi Final kuzodlala iSekhukhuni neStellenbosch.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose