News Avenue
Sports / Ezemidlalo

KUQOPHEKE UMLANDO IPIRATES IWINA IMTN 8

KUQOPHEKE UMLANDO IPIRATES IWINA IMTN 8
SIZO BLOSE 

Umqeqeshi weStellenbosch FC akavumelani nomphumela wayizolo weMTN 8 Final, ebeyibanjelwe eMbombela Stadium, eMpumalanga phakathi kwezakhe, iStellenbosch ne-Orlando Pirates, lapho iBhakhaniya linqobe ngo 3-0.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uSteve Barker uthe, lomdlalo bewungawinwa nayinoma iliphi iqembu njengoba uphele ngo 0-0 kulemizuzu engu-90 ebekiwe.

Uthe iPirates ibe nobuhlakani obukhulu ebuveze esikhathini esengeziwe, negcine ibehlula ngabo. 

"Ishaye igoli lokuqala yalandela ngelesibili, kwacaca ukuthi seyiwuthathile umdlalo ngoba elesithathu besivele sesingasekho kulo mdlalo," kuchaza uBarker oncome abadlali bakhe ngokuzimisela kwabo waphinde wabongela nePirates.

IPirates iqophe umlando njengoba besekungokwesine kulandelana inqoba lendebe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose