News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUHLENGEZELE IZINYEMBEZI UMSAKAZI EXOLISA

KUHLENGEZELE IZINYEMBEZI UMSAKAZI EXOLISA
SIZO BLOSE

Kuhlengezele izinyembezi umsakazi weGagasi FM exolisa kuLondiwe "Londie London" Zulu.
Kusale ukuthi azidedele izinyembezi uMinnie Ntuli ongumsakazi wohlelo i-Uprising olungena ekuseni phakathi nezinsuku kulo msakazo, nalwenza noFelix Hlophe.

Indaba iqale ngokuthi uMinnie ashiye angalazi kuLondie kwiReality Show edlala kuShowmax, iHousewives of Durban.

 UMinnie uthe uyakuqonda ukuthi uLondie akalubambi ucingo lwakhe ngoba engenayo inamba yakhe, kodwa ubezimisele ngokuxolisa bukhoma kuyena ngokumthuka amkhombe ngomunwe, emumemeza.

"Ngicela ukuxolisa kuwena Londie into enje ngeke iphinde yenzeke futhi bekungamele yenzeke,"kusho uMinnie.

Abantu abaningi bamsolile ngesenzo sakhe uMinnie, bathi ubezama ukukhuphula izinombolo zakhe kwi social media nje kuphela esebenzisa uLondie.
Abanye bebethi iGagasi alimthathele izinyathelo.

Lo msakazo ukhiphe isitatimende ebesiveza ukungahambisani nokwenziwe uMinnie kodwa liveza futhi ukuthi amaphutha anje anokwenzeka.

ULondie uthe ngeke amxolele uMinnie, esikhundleni salokho uzimisele ngokumvulela icala lokushaya nelokumehlisa isithunzi. "Uyahlanya losisi," kusho uLondie London.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo