News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUCHITHWA UMCULI OKHALELA ISITAYELA 'SAKHE' SASEKHANDA

KUCHITHWA UMCULI OKHALELA ISITAYELA 'SAKHE' SASEKHANDA


LINDOKUHLE NGCOBO 

SEKUSUKE umsindo  ezinkundleni zokuxhumana kuchithwa isikhalo senkakha yomculo weJazz, Afro-soul and traditional music uSimphiwe Dana. 

Le nkakha eneminyaka engu-45 ubudala iye ekhasini layo lika- Instagram, yaveza ilaka layo, ithi isikhathele umlingisi uNomzamo Mbatha nabomdlalo iShaka iLembe. Ibasola ngokukopela izitayela zayo zasekhanda.  Le nkakha yodumo lwengoma ethi "Ndiredi" ithi okungenani abanikazi balo mdlalo abasho ukuthi ubani obagqugquzele noma ababukele kuye lezi zitayela zasekhanda. Kule mibhalo uDana enameke isithombe sakhe nesikaNomzamo.

Abathandi bezikaqedisizungu bachitha le nkakha, bayisola ngelithi  ifuna ukunakwa ngento engekho. Abanye baze baveza ukuthi umlingisi womdlalo iThe River, uSindi Dlathu naye uyasenza lesi sitayela kungani Dana engakaze akhulume, njengoba usezokhuma manje ngoba nakhu lesi sitayela senziwa kumdlalo iShaka iLembe obukelwa zindimbane zabantu.
Khona abaveza ukuthi le sitayela sidala akusona esikaDana.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo