News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KUBONWA NGOKUSA KU DJ WODUMO

KUBONWA NGOKUSA KU DJ WODUMO
SIZO BLOSE 

Ungene esibhedlela kukubi uDJ ojabulisa abantu asebekhulile ngomculo weR&B.

Ngokwemibiko eputshuke khona esibhedlela, kuvela ukuthi uDJ Muntu odume ngelika Masterblaster simbi isimo sakhe. Ulele kwesinye sezibhedlela eThekwini.

Ukugula kukaMuntu sekuholele ekutheni ayichithe eminye imicimbi okumele anandise kuyona.

Omunye umcimbi okumele anandise kuwona ozokwenzeka endaweni ebizwa nge Union edume ngokuthi kuse Yadini, uMuntu ngeke abe khona.

Ethintwa yiNews Avenue uDJ Muntu, uvumile ukuthi impilo ayiyinhle njengamanje usesibhedlela ngenxa yokubambeka. "Ngingene lana kuvuvukele izinyawo ngesonto eledlule futhi ngathi ngisazohlala.  Odokotela bamatasa bayabheka ukuthi engabe yini inkinga," kuchaza uDJ Muntu eqinisekisa nabalandeli bakhe ukuthi noma ikanjani uzobuya azobajabulisa.

USboniso Chiliza ohlela umcimbi wase Union uthe, impilo iyona ebalulekile. "Uma uMuntu ephumelela ukuba semcimbini, lokho kuzosijabulisa kakhulu, uma kungenzeki, akukho esingakwenza. Thina simfisela ukwelulama okusheshayo," kuphetha uSboniso.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo