News Avenue
Sports / Ezemidlalo

KUBHIMBA UHLELO NGENKUNDLA YEBAY

KUBHIMBA UHLELO NGENKUNDLA YEBAY
LINDOKUHLE NGCOBO 

BASAZOQHUBEKA nokulinda abalandeli beRichards Bay FC, abanesifiso sokubona leli qembu ligijima ekhaya lalo, eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay.

Kulandela ukuthi iNatal Rich Boyz imemezele ukuthi izowudlalela ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu umdlalo wayo(Richards Bay fc) weBetway Premiership wasekhaya neChippa  United ozoba kusasa kusihlwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kwale nyanga iNews Avenue yabika ukuthi iBay iphoqeleke ukuthutha umdlalo wayo wasekhaya wokuvula neMarumo Gallants yawuyisa eKing Zwelithini Stadium. Leli qembu likaSifiso "Jomo" Biyela ladalula ukuthi inkundla yayo yasekhaya iphazamisekile ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeKZN Premier's Cup edlalwe ngenyanga edlule. 

I-Natal  Rich Boyz esilahla wonke amaphuzu selokhu kuqale isizini ka-2025/2026 yathembisa abalandeli bayo ukuthi noma kanjani umdlalo wayo(Richards Bay fc) wasekhaya neChilli Boys uzoba seMhlathuze Sport Complex. 

"UMasipala waseMhlathuze usuqalile ukulungisa umonakalo, uzokwenza isiqiniseko sokuthi kufika usuku lomdlalo wasekhaya wesibili kuwo esizobhekana neChippa United ngomhlaka 26 August 2025 , inkundla isilungulile," ngokusho kwesitatimendi seBay esiphume ekuqaleni kwale nyanga.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose