News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

KONKE KUMI NGOMUMO NGE UGU JAZZ FESTIVAL

KONKE KUMI NGOMUMO NGE UGU JAZZ FESTIVAL
SIZWE BLOSE

Konke sekumi ngomumo ngendumezulu yomcimbi, Ugu Jazz Festival. Lomcimbi uhlukene izigaba ezintathu. USiya Msomi ongumsunguli walomcimbi ngesikhathi ecacisa ngokuhleleka kwawo eRossburgh uthe, amabombo abheke eSouth Coast kanti namalungiselelo alemicimbi asephelile.

 "Empeleni sesilinde umhlaka 25 June lapho okuzoba khona iGala Dinner ezokube ihambisana nosomahlaya. Kubona kungabalwa uMondli Mzizi, Simphiwe Shembe, Churchboy noZiwadi Yamunga ongumculi. Lomcimbi uzoqala ngehora lesithupha uphele ngo 11 ebusuku," kubeka uSiya.

Uphinde waveza ukuthi ngomhlaka 26 kuzokuba ne OFF RAMP WORSHIP EXPERIENCE ezoqala ngo 5 ntambama iphele ngo 1 ekuseni. USiya uthe kuyona babophele abaculi bomculo wokholo,  abafana noJumbo, Shongwe and Khuphula, Nontokozo Mkhize, Mpumi Mtsweli, Hlengiwe Mhlaba nabanye abaningi.

Uphethe ngokuthi amathikithi atholakala ngo R250 akawonke wonke kuthi elezicukuthwane libe ngu R600.

Uthe ngomhlaka 27 kuzoba neJazz Festival lapho okuzobe kuboshelwe khona uDon Laka, Siphokazi, Mawelele, Naledi Aphiwe, Mqobi Yazo, Ernest Smith Bongani Nkwanyana, Mahoo  nabanye abaningi. USiya uthe lomcimbi uzoqala ngo 2 ntambama uphele ngo 3 ekuseni ngosuku olulandelayo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo