News Avenue
News / Izindaba

ISHIYE KUKHALWA INGOZI KU N1

ISHIYE KUKHALWA INGOZI KU N1
Usavaliwe umgwaqo omkhulu u-N1 ohlangothini lwase-Western Cape,  phakathi kwendawo yase-Laingsburg ne-Beautfort West. Lokhu kulandela ingozi edlule nemiphefumulo yabantu abangu-21. Le ngozi embandakanya amatekisi amabili nemoto encane, yenzeke izolo ngeSonto ebusuku endaweni ephakathi kwe-Prince Albert neLeeu-Gamka.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha eWestern Cape uMuneera Allie uqinisekisile ukuthi abantu abangu-18 bashonele khona lapho endaweni yesigameko, kanti abanye abathathu abalimele kabi badlule emhlabeni sebesesibhedlela.

Abasizi bezimo eziphuthumayo, amaphoyisa nethimba lezomgwaqo basekhona endaweni yesigameko, lapho kusaqhubeka khona nokuhlanzwa komgwaqo kanye nophenyo.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

UYAVELA ENKANTOLO UMSOLWA OKUDALA EFUNWA AMAPHOYISA

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo kaMantshi eThekwini, kusasa mhlaka 25 September 2026, umsolwa oneminyaka emihlanu ebalekela amaphoyisa. Umsolwa uboshelwe amacala amaningi okubulala abantu abangu-9 eSydenham, eThekwini ngomhlaka-16 Oct...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUMBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose