News Avenue
Sports / Ezemidlalo

ISEXWAYISO KUBATHANDI BEBHOLA NGAMATHIKITHI E-MTN8

ISEXWAYISO KUBATHANDI BEBHOLA NGAMATHIKITHI E-MTN8
LINDOKUHLE NGCOBO 

I-Premier Soccer  League (PSL) iyalela abalandeli bebhola ukuthi bangalokothi bathenge amathikithi omdlalo wamanqamu eMTN 8, ezindaweni ezingagunyaziwe ngokusemthethweni ukudayisa lawa mathikithi. 

Le nhlangano eyengamele ibhola kuleli, idalule namuhla ngesikhathi imemezela ngokusemthethweni ukuthi amathikithi alo mdlalo wamanqamu, azoqala ukudayisa ngoMsombuluko  mhlaka 1 September 2025, ngehora lesi -10 ekuseni.

Lo mdlalo wamanqamu uphakathi kweqembu i-Orlando Pirates neStellenbosch FC, ngoMgqibelo mhlaka 13 eMbombela Stadium, eNelspruit esifundazweni iMpumalanga. 

Ngokusho kwePSL amathikithi azodayisa eShoprite, Checkers, uSave Stores naku- Open Tickets ku-www.opentickets.co.za  ngenani lika-R100. Umuntu eyedwa uzokwazi ukuthenga amathikithi amane ukugwema isiphithiphithi sokudayiswa kwamthikuthi ngendlela engafanele. I-PSL ithi ngeke bavunyelwe ukungena enkundleni abantu abazobe bephethe amathikithi awumbombayi

EZimnyama zizicabele indawo kowamanqamu ngokushaya iMamelodi Sundowns ngo 4-1 emaphenathini, ngemuva kokudlala ngolingana (2-2) sekuhlanganiswe yomibili imilenze imidlalo yama Semi-finals. Ngakulunye uhlangothi iStellies siqumbe phansi iSekhukhune United ngo 3-1 sekuhlanganiswe imphumela yonke imilenze yama Semi-finals. Umlando uyaziphinda njengoba nangesizini edlule umdlalo wamanqamu walo mqhudelwano adlala ilawa maqembu(Orlando Pirates  neStellenbosch eMoses Mabhida Stadium, eThekwini nalapho iPirates yanqoba ngo 3-1.

Iqembu elizonqoba lesi sicoco lizokhala lemuke ngemali engu-R10 million, bese kuthi amanye amaqembu angu-7 abeyingxenye  yalo mqhudelwano azothola imali engu-R1 million iqembu ngalinye.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose