News Avenue
Sports / Ezemidlalo

INJABULO KUHLONISHWA I-DURBAN CITY FC NGOKUNQOBA I-NEDBANK CUP

INJABULO KUHLONISHWA I-DURBAN CITY FC NGOKUNQOBA I-NEDBANK CUP
Lindokuhle Ngcobo 

INJABULO kuhlonishwa iDurban City FC ngedili eLangeni Hotel, eThekwini izolo. Leli qembu lihlonishwa uhulumeni waKwaZulu-Natal (KZN) oholwa uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli obehambisana noNgqongqoshe wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko eKZN uMnuz Mntomuhle Khawula.

Lokhu kulandela ukuthi iCity inqobe iNedbank Cup ngokwehlula iTS Galaxy ngo 2-1 kowamanqamu obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium, kule nyanga. I-City iqophe umlando inqoba okokuqala lesi sicoco. Iqede(Durban City FC) isomiso sezindebe seminyaka engu 17 emaqenjini aseKZN adlala kwiBetway Premiership.

Ekhuluma kulo mcimbi uNtuli uncome iqembu ngokubuyisa isithunzi saseKZN.

"Kuyintokozo enkulu ukubona iDurban City FC yenza umlando. Niliphakamisile ifulegi lesifundazwe, futhi le mpi yenu ikhombisa ukuthi ikhono likhona lapha ekhaya," kusho uNtuli.

Eqhuba ubongele uSihlalo weqembu uMnuz Farook Kadodia, abaqeqeshi abaholwa uPitso Dladla nabadlali ngokuzikhandla kwabo. Ethi bazakhele igama elingasoze lalibaleka emladweni webhola laseNingizimu Afrika.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose