News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

INDUMEZULU YOMDLALO OKHULUMA NGAMABUTHO AKWAZULU

INDUMEZULU  YOMDLALO OKHULUMA NGAMABUTHO AKWAZULU
LINDOKUHLE NGCOBO 

Kulindeleke ukuba kuvulwe isahluko esisha emlandweni wezemidlalo yeshashalazi, njengoba i-RYT Culture ngokubambisana nePlayhouse Company, bethula umdlalo omusha sha obizwa nge-Amabutho Akwazulu: The Musical.

Leli qophelo elisha emlandweni lizokwethulwa ngokusemthethweni okokuqala ngqa emhlabeni jikelele kusukela mhlaka 16 kuya ku-18 October 2026, ngehora lesi-19h00 ebusuku. Lolu hlelo oluyingqayizivele kuvela ukuthi yiwona mdlalo wokuqala weshashalazi womculo ozobe uzinikele ngokuphelele ekugubheni umculo negalelo lamasiko Amabutho Akwazulu. Lo mdlalo ubhalwe futhi waqondiswa ngongoti bezobuciko uBongani Vilakazi ngokubambisana noMhlonishwa Dlamini. Ekhuluma ne-News Avenue, uVilakazi utshele intatheli ukuthi lo mdlalo uyisithelo sothando nomsebenzi onzima wokubuyisa isithunzi nokugubha amagugu esizwe.

"Umculo namasiko Amabutho Akwazulu awagcini nje ngokuba yisici somlando wethu kodwa awumphefumulo walokho esiyikho namuhla. Siwuyise kwi-Playhouse Company ukukhombisa umhlaba wonke amandla, ubuhle, kanye nezingoma eziyingqayizivele ezizoshiya wonke umuntu ebambe ongezansi. Amabutho AkwaZulu athole nesimemo esivela eFrance, okukhombisa ukuthi izindaba zethu zendawo zinesisindo esizofinyelela nasezinkundleni zomhlaba." kusho uVilakazi.

Amathikithi alo mdlalo aseqalile ukudayisa ngemali engu-R150 kwi-Webtickets. Abathandi bezobuciko namasiko bakhuthazwa ukuba basheshe bawathenga zisuka  amathikithi ngaphambi kokuba aphele.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo