News Avenue
Sports / Ezemidlalo

IMOROCCO IHLELA UKUMANGALELA ISENEGAL

IMOROCCO IHLELA UKUMANGALELA ISENEGAL
Lindokuhle Ngcobo 

INHLANGANO eyangemele ibhola eMorocco, iRoyal Moroccan Football Federation(RMFF) isiveze ukuthi izofakela iSenegal icala lokuphuma enkundleni umdlalo ungakapheli, kwiCAF neFIFA .

I-News Avenue ibikile ngalesi sigameko esenzeke emdlalweni wamanqamu we-AFCON izolo enkundleni iPrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat. Lapho abadlali beSenegal beyalelwe umqeqeshi wabo uPape Thiaw ukuba badube umdlalo, ngemuva kokuthi iMorocco ithole iphenathi ngomzuzu wokugcina.

Ngokusho kwesitatimendi esikhishwe iRMFF, ithi lesi sigameko sibenomphumela omubi, saphazamisa abadlali. Sekuwumlando ukuthi unozinti weSenegal u-Édouard Mendy ubambe iphenathi kaBrahim Diaz wama Atlas Lion. 

IThe Lions of Teranga inqobe ngegoli likaPape Gueye alishaye ngesikhathi esengeziwe. ISenegal iye kulo mdlalo ikhala ngokungaphathwa kahle ngaphambi komdlalo, kusukela ifika eRabat.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose