News Avenue
Sports / Ezemidlalo

IKHALA NGEMPATHO ISENEGAL EZODLALA OWAMANQAMU NE MORROCO EBUSUKU

IKHALA NGEMPATHO ISENEGAL EZODLALA OWAMANQAMU NE MORROCO EBUSUKU
  1. Lindokuhle Ngcobo 

I-CAF ichitha izikhalo zenhlangano, iSenegalese Football Federation's(FSF) eyangemele ibhola eSenegal. 

I-FSF ikhala ngokungaphathwa ngendlela efanele ngaphambi komdlalo wamanqamu we-AFCON, nezwe elisingethe lo mqhudelwano iMorocco. Lo mdlalo uzoba namuhla enkundleni iPrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat ngehora lesi 21h00 ebusuku. 

  • Ngokusho kwe CAF esitatimendeni, ithi wonke amazwe aphethwe ngokulingana kulo mqhudelwano. 

I-Senegal ikhala ngokugxegiswa kwezokuphepha ngesikhathi ifika abadlali ⁹ eRabat. Ngokwe CAF ezokuphepha bezihlelwe ngokubambisana ne-Local Organising Committee (LOC) kuwona womabili amazwe. 

I-FSF iphinde yakhala ngendawo yokulala, iveza ukuthi ayikho esimeni esifanele. Akugcina lapho iSenegal inqabe ukuzilolonga enkundleni iMohammed Vl Complex. Leli izwe lasentshonalanga ne-Afrika, liphinde lakhala ngokuthi abalandeli balo badayiselwa amathikithi angu-2850 enkundleni enela abantu abangu 70 000.

"I-CAF ingakuqinisekisa ukuthi iSenegal inikwe ithuba lokukhetha indawo yokulala ngaphambi komdlalo wamanqamu. Bacele indawo yokulala esezingeni eliphezulu(Five star), yagunyazwa kwalunga. I-Senegal iveze ukungagculiseki ngendawo yokuzilolonga, sahlela enye inkundla," kubeka iCAF.

I-CAF iphinde yaveza ukuthi ukudayiswa kwamathikithi kulawulwa umthetho ofanayo kuwona womabili amazwe azodlala kowamanqamu. Le nhlangano eyangemele ibhola e-Afrika ifisele iMorocco neSenegal umdlalo omuhle.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose