News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

IFILIMU EZOGXILA KWISITHENBU NOKUGQILAZEKA KWABESIFAZANE

IFILIMU EZOGXILA KWISITHENBU NOKUGQILAZEKA KWABESIFAZANE
I-The Rooms Network yethule ngokusemthethweni ifilimu iThuli's Doek, ezodlala kuMovie Room ku DSTV Channel 113. Le filimu isanda kuqala ukushuthwa iyisinyathelo esikhulu salesi siteshi, njengoba sethula ifilimu yaso yokuqala ngqa.

Le filimu iphethe abalingisi abaphambili okubalwa uLindani Nkosi, Linda Sokhulu, Rorisang Mohapi, Vuyo Biyela, Mbalenhle Mavimbela, Silindile Nodangala noMagic Hlatshwayo.

Ifilimu iphenya ngezingqinamba zesithembu, amasiko, ubudlelwano bomndeni, ukungazali, nendlela owesifazane azabalaza ngayo ukuvikela isithunzi sakhe nezwi lakhe emndenini.

"Njengoba iThuli's Doek isanda kuqala ukukhiqizwa, ungalindela ukubona izindaba eziningi kanye nezinsuku ezizayo ezibekiwe zokuthi izoqala nini ukubonakala kumabonakude," kusho abakhiqizi bale filimu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo