News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

IDUNDEE JULY EXPERIENCE NAMATHUBA OMSEBENZI ETSHENI

IDUNDEE JULY EXPERIENCE NAMATHUBA OMSEBENZI ETSHENI
LINDOKUHLE NGCOBO

KULINDELEKE ukuthi kuqashwe abasebenzi abangaphezulu kuka-1600 emcimbini iDundee July Experience ezoba ngomhlaka 19 July ntambama, eDundee Battlefield Lodge, eDundee. 

Lo mcimbi osubuya okweshumi uzoba ngemuva komcimbi womjaho wamahhashi iDundee July. Kulokhu kuzoba ngokokuqala ukuthi lo mcimbi uqhubeke nangeSonto emini mhlaka 20 July, usuyiDundee July Amabhinca Experience. 

Ekhuluma umhleli nomsunguli walo mcimbi uMnuz Vezokuhle Nala izolo ngesikhathi kwethulwa amalungiselelo alo mcimbi uthe, inhloso yomcimbi ukuveza amathuba omsebenzi, ikakhulukazi kubantu abasha.

 "Sigxila kakhulu ekutheni akungabi ukujabula kuphela kodwa akube namathuba omsebenzi. Konke esikwenzayo sifuna kube nemfundiso siqashe intsha engasebenzi. Besihlele ukuqasha abantu abangu-1600 kodwa ngenxa yesasasa lo mcimbi kungandisa isibalo sabantu, okungenzeka siqashe abantu abangu-2000," kuchaza uNala.

 Eqhuba uthe njengoba lo mcimbi uqasha abaculi abakhulu abangaphezulu kubangu-20, lokhu kunikeza abantu bendawo ithuba lokuba nabantu abadumile. Wanxusa osomabhizinisi abadayisa ngaphandle komcimbi ukuba bakuyeke lokho, kungenjalo uzozifikela mathupha kubo ebaxoshe. Ezeseka ngelithi uzivulile izandla kosomabhizinisi abafuna ukuzohweba ngokusemthethweni, nokumele ukuba babhalise kusanesikhathi.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo