News Avenue
Sports / Ezemidlalo

ICHIEFS ILAHLE AMATHUBA YAGCINA IDLIWA KUMA PENALTY YI ASANTE KOTOKO YASE GHANA

ICHIEFS ILAHLE AMATHUBA YAGCINA IDLIWA KUMA PENALTY YI ASANTE KOTOKO YASE GHANA
IKaizer Chiefs ilahle amathuba amaningi yagcina ikhale ngaphansi idlala ne-Asante Kotoko yaseGhana eMoses Mabhida Stadium izolo, kowe Toyota Cup.

IChiefs idlale kahle kakhulu, igabe nangaba dlali abasha kodwa yahluleka yancama ukulibeka enethini. 
Kwale ngisho ithola ipenalty, uMiguel uvele washaya insambatheka nje yebhola.

Umdlalo ugcine uphela kungu 0-0. Kuyiwe kuma penalty ngoba bekumele kube khona ewinayo ekugcineni. Kuqale kwathembisa ngesikhathi iChiefs elibeka phakathi, iKotoko ilandela ngemuva, uTshabalala ushaye emnandi ipebalty, ngemuva kwalokho unozinti weKotoko ubelokhu ewavimbe njalo, iChiefs igcine ngokuhlulwa.

Kunomthandi weChiefs ogoduke nemoto yohlobo lweToyota.
Khonamanjalo neBanyana Banyana ihluleke yancama ukuthatha isithathu emdlalweni wayo neGhana kowe Women's Africa Cup eMorocco ngoLwesihlanu. Umdlalo uphele ngo 1-1 kwayiwa kuma penalty, yanqoba iGhana.

ISITHOMBE: DARREN STEWART/GALLO IMAGES
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose