News Avenue
Sports / Ezemidlalo

IBAFANA BAFANA IDLALE KAHLE KAKHULU KODWA BEKUWUSUKU LWE EGYPT

IBAFANA BAFANA IDLALE KAHLE KAKHULU KODWA BEKUWUSUKU LWE EGYPT
IBafana Bafana ilidlale lonke ibhola ongalicabanga kwadla khona ukuthi bekuwusuku lwe Egypt namhlanje. 

Lena ubungaze ucabange ukuthi iFinal. I-Egypt ithole igoli sekuzophela isiwombe sokuqala lapho uMo Salah, eshawe khona ngesandla esweni uModau, abe VAR bavumelane ngokuthi ikhonjwe emlotheni, walishaya phakathi Salah.

IBafana Bafana isithathe sonke isiwombe sokuqala, ingcindezi eyifakile iholele ekutheni umdlali we-Egypt aze alibambe ngesandla ebhokisini, ngebhadi leBafana unompempe waseBurundi nabe VAR bavumelane ngokuthi akuyona ipenalty kodwa iBafana idlale kahle kakhulu.

Njengamanje kuGroup B, ziholwa i-Egypt ngamaphuzu angu-6 kuze iBafana ngawu 3, kanti kugcina i-Angola neZimbabwe ngelilodwa ngapha nangapha. Umdlalo olandelayo iBafana izobhekana neZimbabwe ngoLwesibili.
.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose