News Avenue
Sports / Ezemidlalo

EZIMNANDI KUMAZWE ASE-AFRIKA

EZIMNANDI KUMAZWE ASE-AFRIKA

UMENGAMELI weCAF, uPatrice Motsepe,  usememezele ngokusemthethweni ukukhuphuka komklomelo womqhudelwano i-African Cup of Nations(AFCON).

Lokhu kusho ukuthi izwe elizonqoba lo mqhudelwano eMorocco lizothola imali engu-10 million USD (R167 million). Phambilini bekuhlonyulwa imali engango-R7 million (R117 million) kwi-AFCON.

 Imidlalo ye-AFCON 2025, kulindeleke ukuthi iqale kusasa ngomdlalo ophakathi kweMorocco esingethe le midlalo neCoromos, ePrince Moulay Abdellah Stadium, Rabat ngehora lesi 21h00 ebusuku, kanti kuzobe kuyihora lesi 22h00 ngesikhathi sakuleli.

I-AFCON elandelayo izosingathwa amazwe amathathu, okubalwa iKenya. Tanzania ne-Uganda ngonyaka ka-2027.


UMotsepe uphinde wamemezela ukuthi i-AFCON isizodlalwa njalo ngemuva kweminyaka emine kusukela ngonyaka ka-2028.

Lokhu kuchaza ukuthi, i-AFCON izodlwa ngo-2028, 2032, 2036, 2040 kuya phambili.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose