News Avenue
Sports / Ezemidlalo

EZIMNANDI KUBATHANDI BE-BAY

EZIMNANDI KUBATHANDI BE-BAY
LINDOKUHLE NGCOBO 

IQEMBU iRichards Bay FC limemezele ngokusemthethweni namuhla ukuthi iPSL isiphasise inkundla uMhlathuze Stadium, eRichards Bay ukuthi isingakwazi ukusingatha imidlalo yeBetway Premiership.

Lokhu kusho ukuthi leli qembu lizowudlalela kule nkundla umdlalo walo wasekhaya neTS Galaxy FC ozoba ngoLwesithathu mhlaka 17 September 2025. Amathikithi alo mdlalo atholakala eShoprite, Checkers naku Open tickets ngenani lika-R60. 

Lezi zindaba zizokwehla kamnandi kubalandeli beNatal Rich Boyz, ebebephoqeleka ukuyobuka iqembu labo eKing Zwelithini Stadium, eMlaza nasePrincess Magogo Stadium, kwaMashu uma lidlala imidlalo yasekhaya. Lokhu kudalwe ukuphazamiseka kwenkundla yeBay ngesikhathi kunemidlalo yeKZN Premier's Cup ngoJuly wakulo nyaka.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose