News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

BEZIWA KAKHULU KWI OLD SCHOOL PICNIC

BEZIWA KAKHULU KWI OLD SCHOOL PICNIC
Ziwa kakhulu eMunnies Hockey Club, kwi Old School Picnic engeyokuqala kulonyaka.

Lomcimbi uqale ngegiya eliphezulu ubophele abaculi abathandwa kakhulu kuleli behambisana  noDJ beqophelo eliphezulu.

Bewungeke usho ukuthi lomcimbi uyaqala ukwenzeka ngendlela obekugcwele ngayo, nangendlela obewuhleleke ngayo,  isound yakhona, istage konke bekuhamba kahle, kanjalo nabaculi noDJ ebebemenyiwe bebekhona. Kubona singabala uSboniso Chiliza, DJ Wonder, DJ Cndo, Sjerere, Bongz, DJ Siyanda  Happygal, Nzwiri, Chynaman. Abaculi abajabulise abantu baze bafuna impinda kuProfessor, Zola, Mdu Masilela noKabelo Mabalane. Uhlelo beluphethwe uMondli Mzizi, Tha Simelane no Swazi M.
Kwale ngisho imvula iza ngamandla abathandi bobumnandi bavele bathi asiyi ndawo. 
Ngenxa yemithetho elawula idolobha iTheku, uncimbi uphele ngaphambi kwehora lika-12.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo