News Avenue
Sports / Ezemidlalo

BEWUSEQOPHELWENI ELIPHEZULU OWEBAFANA NE NIGERIA

BEWUSEQOPHELWENI ELIPHEZULU OWEBAFANA NE NIGERIA
SIZO BLOSE 

IBafana Bafana idlale kahle kakhulu ibamba iNigeria ngo 1-1, eBloemfontein namhlanje. 
IBafana ifake ingcindezi kwiNigeria umdlalo uqala. Lengcindezi iholele ekutheni umkhonto ugcina ugwaza ekhaya ezweni laseNigeria.

INingizimu Afrika ibe seyihamba phambili ngo 1-0. Kuthe sekuzoyiwa ekhefini yacindezela.iNigeria, ukusebenza kwayo kanzima kugcine kuthela izithelo ezinhle njengoba igcine ilitholile elokulinganisa. 
Kuyiwe ekhefini kungu 1-1.

Ngesikhathi kubuywa ekhefini umdlalo bewulingana, ingekho evuma ukugoba uphondo.
Kube nokukhononda okukhulu ngegoli leNigeria, abanye bethi ibhola lithinte esandleni kumdlali olibeke ebethini. 
Kuze kwakhala noNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie. "Siyayidinga ngempela iVAR," kusho uMcKenzie ngemuva komdlalo, yena ezithethelela ngokuthi usekwenze konke okumayelana nezimali sekusele iSafa ukuthi iqedele lomcimbi. 

IBafana sekusele ukuthi idlale neRwanda neZimbabwe, uma iwina lemidlalo noma owodwa izolifulathela elakuleli ukuyomela leli lizwekazi lase Afrika kwiNdebe yoMhlaba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Sports / Ezemidlalo

Sports / Ezemidlalo

KUBHEDILE KUMQEQESHI WE RICH BOYS

LINDOKUHLE NGCOBO kuhlukane inhloko nesixhanti phakathi kweRichards Bay FC egijima kwiBetway Premiership, nomqeqeshi uRonnie Gabriel, kulandela isiqalo esinzima saleli qembu kule sizini. Ukuphuma kukaGabriel kwiNatal Rich Boys, kudalwe i...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

UQOKWE NJENGOMQEQESHI WE NYANGA OWE PIRATES

LINDOKUHLE NGCOBO Umqeqeshi we-Orlando Pirates FC, u-Abdeslam Ouaddou, ukhonjwe njengomqeqeshi ovelele wenyanga ka-August kwiBetway Premiership. Lokhu kulandela irekhodi elihle lapho eholele khona eZimnyama emidlalweni emine yeligi yokuq...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo
Sports / Ezemidlalo

KUGXEKWE INKULUMO YOMQEQESHI WE SUNDOWNS

LINDOKUHLE NGCOBO Isuse umsindo kubalandeli bebhola likabhutshuzwayo, inkulumo yomqeqeshi weMamelodi Sundowns FC uMiguel Cardoso, ayiveze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba ngo 2-0 iMilford FC emdlalweni weBetway Premiers...

Sizwe Blose Sizwe Blose