News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

BATHEMBISA INTO YAMEHLO KULO NYAKA ABE-INKKASI XPERIENCE

BATHEMBISA INTO YAMEHLO KULO NYAKA ABE-INKKASI XPERIENCE


BATHEMBISA ubumnandi bezinga eliphezulu abahleli bomcimbi  i-INKKASI Xperience ezoba ngomhlaka 15 December 2025, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. 

Omunye wabahleli balo mcimbi uPhilani "Splash" Ngwenya uthi i-INKKASI Xperience yasungulwa ngenhloso yokwakha uzinzo nokuthula endaweni yaKwaMashu edume kabi. 

"Lo mcimbi akusiwona owami kodwa ngowabantu bonke. Ngesikhathi siwuqala sasingenabo abaxhasi, lokho kusho ukuthi siwenza ngothando, asijahi imali. Asisho ukuthi asinawo amaphutha kodwa siyathembisa ukuthi izinga lizonyuka kulo nyaka, " kubeka uNgwenya. 

Uthe ujabule ngoba ngonyaka odlule akekho umuntu olimele kulo mcimbi.

Abaculi abazondisa  kwi-INKKASI Xperience ilaba: DJ Maphorisa, Karma De Small, Morda, Mawhoo, DJ Tira, OKMalumkoolkat, Zola 7, uShenge waseHlalankosi, Distruction Boyz, Black Diamond, Dladla Mshunqisi, Dankie Boi, Babes Wodumo, We Dem Boyz, Mgilane, Big Nuz, Ntencane,  DJ Happygal, Zakwe, Duncan, TDK Macasette, JNR Richi, DJ Wobbly, DJ Cindo, DJ Soh, Blao Kido, Perfecto-Mlu(Gqom Therapy), Berry H Shakur, Sjerere, Space Network, Drummer Splash, Marima Group, Cairo, Merlon, Drega, Skillz, DJ Sonic, Speech Umlangeni,  Mihmash, DJ Nzwiri, Andy West no- Acapemusik.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo