News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

ATHENGWA UBUTHAPHUTHAPHU AMATHIKITHI KA KELVIN MOMO

ATHENGWA UBUTHAPHUTHAPHU AMATHIKITHI KA KELVIN MOMO
Abathandi bomculo, ikakhulu Amapiano, bazozitika ngomculo kaKelvin Momo.  UKelvin uzokuba ne One Man Show, eMoses Mabhida, ohlangothini lwase People's Park.

Abantu abaningi baseThekwini bazifela kakhulu ngoKelvin, ovunywe nangabaculi baphesheya abafana noDrake. 

Uma uzifela ngoKelvin ungowase KZN, ikakhulu eThekwini, usemathubeni amahle okuzibonela lengwazi ezokube ijabulisa abantu ngomhlaka 5 April. 

Okuhle ukuthi amathikithi aseqalile ukudayisa. Ukuze ungazitholi uphoxeka ngokuthi ugcine ungasalitholanga, vele uphuthume eComputicket uyozitholela elakho.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo