News Avenue
Entertainment / Ezokungcebeleka

AQALILE UKUDAYISA AMATHIKITHI AMA-CROWN GOSPEL MUSIC AWARDS

AQALILE UKUDAYISA AMATHIKITHI AMA-CROWN GOSPEL MUSIC AWARDS
SIZO BLOSE 

Kuphelile ukuqagela ngendumezulu yomcimbi oba minyaka yonke, amaCrown Gospel Music Awards.

Abahleli balo mcimbi sebekuqinisekisile ukuthi awakulonyaka ngeke asaba seGoli kodwa abuyela KwaZulu Natal, eDurban ICC. Kanti ama tickets aseyatholakala, lomcimbi uzokuba ngo 23 November 2025.

UPastor Sthembiso Mtshali okhulumela lomcimbi uthe, konke sekumi ngomumo, abantu abaphuthume bathenge amathikithi angaze aphele njengoba ehamba ngesivinini ecomputickets.

"Sinxusa abathandi bomculo ukuthi bangacabangi kabili, abaye kothenga amatickets. Nakulonyaka kuzoba mnandi kakhulu, kuzoba neRed Carpet eqala ngo-16.00 ntambama lapho abantu bezozibonela osaziwayo babo, bakwazi nokuthatha izithombe nabo. Kuzothi ngo 7 umcimbi omkhulu uqale," kuchaza uSthembiso, othe osaziwayo bazokube bebuzwa e-ICC ngeSonto mhlaka 23 November.

Uphinde waveza ukuthi nakulonyaka bazoqhubeka nokukhumbula umsunguli walemiklomelo odlule emhlabeni ngonyaka owedlule uZanele Mbokazi.

Baningi abaculi bomculo wokholo aseke baziwinela izindondo kuma Crown, okungabalwa uSfiso Ncwane, Dumi Mkokstad, Andile Majola, Thobekile Mkhwanazi, Hlengiwe Mhlaba nabanye abaningi.

USthembiso uthe kuqopheke umlando njengoba kushaye lesi sikhathi abangenele sebengu 890, abazoqhudelana ngezindebe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in Entertainment / Ezokungcebeleka

IKHUZA IBUYA IBEACH FEST YODUMO

SIZWE BLOSE Uma sekuqala kukhulunywa ngeBeach Fest, kusuke sekucaca ukuthi sebuyaqala ubumnandi beTheku. Lo iwona mcimbi ofaka wonke umuntu egiyeni lamaholidi kaDecember. I-13th Annual Gagasi FM Beach Fest, aseqalile ukutholakala amathik...

Sizwe Blose Sizwe Blose

KUHLELWA INDUMEZULU YOMCULO WOKHOLO

LINDOKUHLE NGCOBO Ezimnandi kubathandi bomculo wokholo njengoba kuzoba nomcimbi i-Gospel in the Park PMB 2026, ohlelwa inkampani iGraceGate Media & Arts ePiermaritzburg Botanical Gardens, eMgungundlovu ngoMgqibelo mhlaka 26 September 202...

Lindokuhle Ngcobo Lindokuhle Ngcobo