News Avenue
News / Izindaba

ZIZOQINA EZOKUPHEPHA EMKHOSINI WOMHLANGA

ZIZOQINA EZOKUPHEPHA EMKHOSINI WOMHLANGA
LINDOKUHLE NGCOBO 

KULINDELEKE ukuthi ziqine ezokuphepha eMkhosini woMhlanga ozoba ngomhlaka 13 kuya ku-14 September esigodlweni eMashobeni, oPhongola.

Lo Mkhosi wokukhuthaza usiko lokuhlolwa kwezintombi kuzoba kungokokuqala ukuthi lusingathwe kulesi sigodlo esisha, ngemuva kweminyaka engu-40  ubanjelwa esigodlweni eNyokeni, KwaNongoma kulandela ukuthi uvuselelwe iSilo uZwelithini kaBhekuzulu neNdlovukazi uMantfombi MaDlamini Zulu.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu neSilo uMisuzulu kaZwelithini uMntwana Thulani Zulu uveze ukuthi ayaqhubeka amalungiselelo okuhlela lo Mkhosi njengoba iNgonyama isimemezele ukuthi uza eSigodlweni esisha. 

Wathi zizoqiniswa ezokuphepha, ikakhulukazi kulabo abafuna ukusondela eduze kweSilo noma ukushutha iSilo.

"Omunye usuka nesipho esingathi shu, ethi uzopha iSilo kanti uma ubheka asikho lesi sipho ufuna nje ukushutha. Manje asiyidingi into enjalo iSilo siyinkosi yesizwe samaZulu, iNkosi hhayi nje eKZN, hhayi eNingizimu Afrika, hhayi e-Afrika kodwa umhlaba wonke uBukhosi bakwaZulu buyahlonishwa, siqhamuka le ko-UK(United  Kingdom) lapho iNgonyama efika ekhothanyelwe khona.

"Akungaqhamuki abantu bakwaZulu nabaseNdlunkulu benze izinto ezihlambalazayo nezenza sengathi abazange becabange, bacabange nje ukuthi bafuna ukuzibona eduze kweNgonyama bangabe besabheka ukuthi lokhu kugqama kuhambisana nani, akukho yini ukungahloniphi phakathi, ekubeni betshela abantu ukuthi uBukhosi bayabuhlonishwa," kuchaza uMntwana Thulani ekhasini likaFacebook laseNdlunkulu kaZulu.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose