News Avenue
News / Izindaba

ZIYAQONGA IZINKINGA KUNGQONGQOSHE UTOLASHE

ZIYAQONGA IZINKINGA KUNGQONGQOSHE UTOLASHE

ZIYAQONGA izinkinga kuNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNksz Nokuzola Tolashe, ngenxa yezinsolo ezimbandakanya ukusetshenziswa kabi kwezimali zikahulumeni, nokuphathwa kabi kwabasebenzi.

Kuvela ukuthi owayesebenza njengonesi endlini kaTolashe eMonti, e-Eastern Cape uvulele uTolashe icala. Lo msebenzi ukhala ngokuthi waqashwa njengomsizi wezokudla eMnyangweni kodwa wagcina esebenza njengonesi wabazukulu bakaTolashe.

Kuvela ukuthi lo msebenzi wayalelwa ukuthi anikeze indodakazi kaTolashe uhhafu wemali yakhe(umsebenzi) yenyanga. 

UTolashe uphinde abhekane nezinsolo zokuthi akazange athathe izimoto ezimbili zohlobo lweSUV ezinikelwe yiChinese  Embassy eziyise kwi-ANC Women's League,  kunalokho wazibhalisa egameni lezingane zakhe (Tolashe).

Kuke kwavela nemibiko kaWhatsApp, eveza ubudlelwane obuseduze phakathi kukaTolashe nomeluleki wakhe (Tolashe) okhethekile, uNgwako Kgatla, obhekene nezinsolo  zokuthola imiholo emibili  kahulumeni.

UTolashe uziphikile lezi zinsolo, wathi akukho lapho ezokwehla khona esikhundleni ngaphandle uma ecelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa. Lo Ngqongqoshe uchaze lezi zinsolo njengomkhankaso wokungcolisa igama lakhe.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose