News Avenue
News / Izindaba

ZIYANDA IZIGAMEKO ZOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE

ZIYANDA IZIGAMEKO ZOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE
ZILOKHU zikhula izibalo zezigameko zodlame lobulili nokuhlukunyezwa kwezingane esifundazweni iKwaZulu-Natal(KZN).

Lokhu kuvela namuhla, ngesikhathi kuqhubeka imashi engumkhuleko wokulwa nesihlava sokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane nokukhulekela amaholidi okuphela konyaka.

Le mashi engumkhankaso wezinsuku ezingu-365, ibiholwa uNdunankulu waseKZN  ngokuhlanganyela nabaholi bamabandla, Abahlali baseMjondolo, ubuholi boMdabu, imboni yamatekisi, abezinhlangano zomphakathi ezizimele nezikhamizi zaseKZN ngaphansi kwesiqubulu esithi "Silwa neChilo". Imashi isuke eKing Dinuzulu Park, yaphetha eCity Hall, eThekwini. 


Ekhuluma uNtuli uthe amaphoyisa aseKZN enza umsebenzi omuhle ukwehlisa ubugebengu. Wathi okubi ukuthi izibalo zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ziyanqaba ukwehla.

"Ikakhulukazi lapha eThekwini, iyona ndawo ehamba phambili ngodlame lobulili ingakho silapha namuhla. Kulandele Ugu, Ilembe noMgungundlovu.  Sithi amadoda awasukume ethi hhayi egameni lethu," kubeka uNtuli. 

Uphinde wakhuza abesifazane ukuba bayeke ukusula amacala noma ukwamukela inhlawulo emacaleni okuhlunyezwa.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose