News Avenue
News / Izindaba

ZITHUSE ABANINGI EZOKUSHIYA KUKA VUMAR KWI GAGASI FM

ZITHUSE ABANINGI EZOKUSHIYA KUKA VUMAR KWI GAGASI FM
SIZO BLOSE 

Abalaleli bomsakazo iGagasi bayazibuza bayaziphendula ukuthi, engabe kube yini ebangele lomsakazi osemnkantshubovu ukuthi ashiye kulo msakazo.

Omunye wabalaleli obengumlandeli wezinhlelo zakhe, uSbu Ntuli waseNanda usole ukuthi uVumar ushiye ngoba esemdala, kwazise ngokwabalaleli beGagasi FM akasekho khaxa.

USindi Dlamini kungenzeka ukuthi uDJ Vumar ubesegxile kakhulu okholweni, uhlelo lwasebusuku belumenza athi ukuphambana nezimiso zakhe.

UThabani nkabinde uthe uDJ Vumar ubesephila ngokugula  abuye angabi khona ezinhlelweni zakhe. "Kungenzeka ukuthi iGagasi FM naye uVumar babe nesivumelwano sokuhlukana ngokuthula."

UVumar ubengena ngo 4-6 kwiSunr8se Sessions aphinde enze uhlelo lobumnandi ngo iDance Cabin ngoMgqibelo ngo 10 kuya ku 01 ekuseni ngeSonto.
Esinye sezikhulu eziphezulu kwiGagasi FM u-Alex Mthiyane uthe uVumar ubewumuntu ongamnika noma iluphi uhlelo, akwenzenzele into yamehlo.

UVumar uzibongele kakhulu kwiGagasi FM ngokumkhulisa. "Ngifike ngimncane kwi Gagasi FM, ngakhulela kulona, ngilibonga kakhulu ithuba,"kusho uVumar ngamafuphi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose