News Avenue
News / Izindaba

ZIQALILE IZITHANGAMI ZOKUQEQESHA OMAMA ABAHLOLA IZINTOMBI

ZIQALILE IZITHANGAMI ZOKUQEQESHA OMAMA ABAHLOLA IZINTOMBI
STHEMBISO SHANGASE

UMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali usuqalile ukusingatha izithangami zokuqeqesha omama abahlola izintombi, ngendlela yokuziphatha kwabo kuqala ngaphambi kokuthi kufundiswe izintombi ngendlela eyamukelekile yokuziphatha.

Kulelisonto uMnyango ngokubambisana nomasipala weTheku, babize omama bezintombi abahlala ngaphansi kwalo mkhandlu ukuzobacebisa ngamasu okuba ngomama abaqotho njengoba sekulungiselelwa ukuya emkhosini womhlanga.

Indlovukazi yakwaLinduzulu uMaNdlovu, ukhuze umkhuba wokuletha izintombi ezisencane kulomkhosi wathi lokho kungukwephula umthetho.

Omele umkhandlu weThweku uKhansela Zama Sokhabase ube sekhipha iqhina esakeni, washo ukuthi iTheku selihlangene noMnyango bazokhipha amabhasi angu 38 kuphela kulonyaka. Lokhu kuyisibalo esehlisiwe kwesangeminyaka edlule lapho iTheku belike likhiphe amabhasi angu 60.

UMama uSokhabase ube esecela oMama bezintombi ukuthi bazihlele ukuze bakwazi ukwabelana ngezithuthi ezimbalwa.

Esithombeni esingenhla uZama Sokhabase
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose