News Avenue
News / Izindaba

UZUMA UMILE KWELOKUTHI ULILUNGU LE-ANC

UZUMA UMILE KWELOKUTHI ULILUNGU LE-ANC
Umengameli we-MKP uphinde wakhala ngokuthi leli qembu larojwa ngesikhathi kunokhetho lukazwelonke zingu 29 kuMeyi wonyaka owedlule..

UZuma ubekhuluma eMahlabathini, eVerulam lapho kukade kukhona ingoma ebeyihlelwe inyanga edumile ephinde ibe ngumlandeli omkhulu weMKP, uDr Khehlelezi.

UZuma uthe yena useyilungu le-ANC futhi okubalulekile kuyena ukuthi abantu abamnyama abavotele amaqembu abantu abamnyama ukuze kubuye izwe.

Lomcimbi bewuhanjelwe nawu Duduzile Zuma obhekene nezinkinga ezihambisana nokuvulelwa icala lokushushumbisa abantu ngudadewabo.

Lokhu sekuholele ekutheni asule ekumeleni leli qembu ephalamende.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose