News Avenue
News / Izindaba

UZOVELA KUSASA ENKANTOLO OTHOLAKALE NEZIBHAMU

UZOVELA KUSASA ENKANTOLO OTHOLAKALE NEZIBHAMU
KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseVryheid kusasa mhlaka 16 March 2026, umsolwa oneminyaka engu 55 ubudala. 

Lo msolwa uboshelwe icala lokutholakala nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni endaweni yaseBhekuzulu, eVryheid ngoLwesihlanu. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uLieutenant Colonel Paul Magwaza udalule ukuthi umsolwa uhlulekile ukukhipha izincwadi zokuphatha izibhamu.  Uthi ngesikhathi abakwasidlodlo beqhuba umsebenzi, bathole izinhlamvu ezingu 29, zesibhamu esikhulu nezingu 15, zesibhamu esincane.


"Amaphoyisa aqhubekile ebheka imoto ebihambe umsolwa, athola ukuthi inedisikhi yelayisensi iphelelwe isikhathi ngonyaka ka 2020, ibihamba ingazifakile izinombolo emuva nangaphambili," kuchaza uMagwaza.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose