News Avenue
News / Izindaba

UZOBHADLA EJELE OBULELE INTOMBI

UZOBHADLA EJELE OBULELE INTOMBI
UGWETSHWE iminyaka engu 18, ebhadla ejele owesilisa oneminyaka engu 46 ubudala, ngecala lokugwaza abulala owayeyintombi yakhe.

UMusawenkosi Lucky Menyuka ugwetshwe inkantolo yesiFunda uMtubatuba izolo. 

Kuvela ukuthi uMenyuka owayengumfundisi endaweni, ulahlwe ilacala lokubulala uThembelihle Nxumalo, owabulawa mhlaka 17 February 2020, eneminyaka engu 25 ubudala.

Isidumbu sikamufi satholakala endaweni yas'Oweni, sinamanxeba okugwazwa. Lokhu kwenzeka lungapheli usuku umufi, ebikwe njengomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa eMtubatuba. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal(KZN) uColonel Robert Netshiunda uthi uphenyo labomthetho lwaholela ekutheni kuboshwe uManyuka, owayegcine ukubonakala nomufi. Udalule ukuthi ngonyaka ka 2020 inkantolo yanquma ukukhulula uMenyuka, ikhala ngokungafakwa ngokusemthethweni kwaleli cala. 

"Ngonyaka ka 2025, emva kweminyaka emine icala lidluliselwe ophikweni lwamacala okubulala nekubamba inkunzi, waphinde waboshwa uMenyuka ngo June 2025. Naphezu kokuthi umbuso uphikisane nesinqumo sokunikeza ummangalelwa ibheyili kodwa wadedelwa ngebheyili ka R10 000," kuchaza uNetshiunda. 

Eqhuba uthi ngomhlaka 1 December 2025, uMenyuka wahluleka ukulandela umyalelo wenkantolo,  kwabe sekuphuma incwadi egunyaza ukuthi aphinde aboshwe. UMenyuka ugwetshwe ngemuva kokuboshwa mhlaka 12 January 2026, uphinde watholakale nesibhamu esingekho emthethweni.FjF
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose