News Avenue
News / Izindaba

UYAQHUBEKA NOKUDEDELA AMABHOMU UKHUMALO

UYAQHUBEKA NOKUDEDELA AMABHOMU UKHUMALO
LINDOKUHLE NGCOBO 

INHLOKO yoPhiko lwezobunhloli uLieutenant General Dumsani Khumalo, uyaqhubeka nokwethula ubufakazi kwiKhomishana kaJaji Madlanga. 

Namuhla uKhumalo ugxile engxoxweni kaWhatsApp phakathi kukaVusi "CAT' Matlala noBrown Mogotsi, okwavela ukuthi usondelene noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu. 

UKhumalo utshele iKhomishana ukuthi kwesinye isikhathi uMatlala uzibiza ngo" Dlamini ", nokukholakala ukuthi igama alisebenzisa kumazisi ongumgunyathi awenza eSwaziland. 

Ebufakazini bukaKhumalo,  kuphinde kwavela ukuthi ngoDecember 2024 uMogotsi watshela uMatlala ukuthi kumele kuhlakazwe uphiko oluphenya ngokubulawa kosopolitiki. Kulobu bufakazi bukaKhumalo, kuvela ukuthi uMatlala wabalisa ngokuthi kuzoba umsebenzi onzima ukuhlakaza lolu phiko. UMogotsi, watshela uMatlala ukuthi kudingeka umuntu onesibindi ukuze kuhlakazwe lolu phiko.

UKhumalo utshele lesi sigcawu ukuthi obunye ubufakazi ngeke akwazi ukukusho phambi kwamakhamera ngoba kungaphazamisa uphenyo olusaqhubeka.

Le Khomishana ephenya ngokulawulwa kwamaphoyisa nokugxabukela kosopolitiki emacaleni obugebengu abucayi,  iyaqhubeka njengamanje ePitoli.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose