News Avenue
News / Izindaba

UXOLISILE NGEMUVA KOKUKHULUMA BUDLABHA UPANYAZI

UXOLISILE NGEMUVA KOKUKHULUMA BUDLABHA UPANYAZI
Lindokuhle Ngcobo 

SEKUSUKE umsindo ngenkulumo kaNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi ethinta ukunqanyulwa kwamanzi, esifundazweni asiholayo.

Umphakathi usola uLesufi ngowokuchomela ngokuthi yena(uLesufi), ugeza ehhotela uma ephelelwe amanzi.

Lokhu sekuphoqe ukuthi namuhla uLesufi axolisi mayelana nenkulumo yakhe ethi, waya kogeza ehhotela ngesikhathi ephelelwe amanzi.

Esitatimendeni, uLesufi uthi uyabona ukuthi le nkulumo yakhe izwakala sengathi bona njengabaholi, ibaphatha ngendlela engcono inkinga yamanzi.

"Empeleni inkinga yamanzi ithinta wonke umuntu ongumhlali waseGauteng ngendlela efanayo.  Ngidlulisa ukuxolisa ngenkulumo yami yayizolo, bengizama ukuveza ukuthi inkinga yamanzi ayikhethi abantu ngokwezikhundla zomsebenzi. Ukuthola amanzi kuyilungelo lawo wonke umuntu," kubeka uLesufi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose