News Avenue
News / Izindaba

UVAVI WESEKA UMBEKI EKUTHENI ILOADSHEDDING INTO YAMABOMU

UVAVI WESEKA UMBEKI EKUTHENI ILOADSHEDDING INTO YAMABOMU
Lowo owayengumengameli wezwe, uThabo Mbeki umile kwelokuthi ukunqamuka kuka gesi (loadshedding) bekuyinto eyenziwa ngamaboma. 

Ukunqamuka kukagesi yinto eqale ngo 2008.
Unobhala Jikelele weSafta, uZwelibanzi Vavi usefakazele uMbeki ngokuthi, yiqiniso indaba yokuthi ukunqamuka kogesi yinto eyayihlelwe abathize ukuzicebisa bona.

 "Ngalesi sikhathi izwe lakisezandleni zikaMengameli Jacob Zuma. Asazi noma lokhu kwakuyingxenye yekuqhwagwa kwamandla ombuso (State Capture) nokwakuyindlela yokuzicebisa kwabathile,"kubeka uVavi.

Uphinde waseka umbono wakhe ngokuthi, kunophenyo olwenziwa abe Special Invistigative Unit (SIU) ngalolu daba. Uthi ukhona umbiko kodwa kuze kube yimanje uhlezi ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa. "Asiqondi ukuthi kungani engawudedeli lombiko. Asazi noma naye uyathinteka yini, kimbe kukhona abavikelayo, asazi ngempela. Kodwa esikwaziyo ukuthi iloadshedding kwakuyinto yamabomu," kuphetha uNobhala weSaftu.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose