News Avenue
News / Izindaba

UTRUMP UZOZILAWULELA IMALI YA OYELA WASE VENEZUELA

UTRUMP UZOZILAWULELA IMALI YA OYELA WASE VENEZUELA
Umengameli wase United States of America, uDonald Trump, usevele wakucacisa ukuthi ukuhlasela kwakhe iVenezuela kumayelana no eyelashes hhayi izidakamizwa.

Lokhu kuvele esitatimendeni asenze ezinkundleni zokuxhumana. Uthe njengamanje sebezolawula i30 -50 Barrels of high quality oil wase Venezuela. Uthe imali ezotholakala lapho izoza eMelika kanti izokube ilawulwa uyena uqobo.

Baningi ebebekhala ngokuthi uTrump uhlasela iVenezuela egameni lokuthi lelizwe lisabalalisa izidakamiza eMelika kanti ufuna u-oyela wase Venezuela.

Kuzokhumbuleka ukuthi iDelta Force yakhona eMelika igasele eVenezuela yafika yabopha uMengameli wakuleliya lizwe uNicolas Madura. Ihambe naye yaya eNew York lapho eboshelwe khona. Uvelile enkantolo lapho ethe akanacala.

Kuyinto eyejwayelekile ukuthi uma iMelika ifuna okuthize ezweni elithize ivele ibeke ezinye izizathu. Isibonelo, Ike yahlasela e-Iraq ngoba ithi kunezikhali zembhubhiso, kanti yayingekho leyonto yayizifunela umnotho wase Iraq. Ike yenza okufanayo ngesikhathi ihlasela uSaddam Hussein, eKuweit, uMuammar Gadaffi eLibya, eNingizimu Afrika uke wabelesela ukuthi kubulawa abamhlophe, yize etshelwa ukuthi ayikho leyonto.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose