News Avenue
News / Izindaba

UTHENJIWE UBASHIYE BENGAWUVALI UMLOMO NGAMAHLAYA AKHE EZAMBIA

UTHENJIWE UBASHIYE BENGAWUVALI UMLOMO NGAMAHLAYA AKHE EZAMBIA
Wemukelwe ngezandla ezimhlophe eZambia usomahlaya wakuleli osezinze eLondon, nosephinde wazenzela udumo kulolonke leli ngamahlaya.

Kulokhu uThenjiwe ubededela amahlaya kwiZed Laugh Festival, nebeyenziwa yiNight of Laughter. 

Okufike kwaphawuleka kakhulu kulomcimbi kube ukuthi uThenjiwe  bekunguyena kuphela obekungusomahlaya wesifazane kanti ufike washaya into eseqophelweni eliphezulu.

Ezibongela uThenjiwe, uqale ngokubonga abeMzansi Golden Economy (MGE) nokuyibona abathathe iThenjiwe Unplugged bayiyisa kubantu abahlukahlukene umhlaba wonke.
Uthe ngokwesekwa yibona usehambele eDublin, Ireland, Lighthouse Theatre eLondon nakwezinye izindawo. "Okumnandi ngalama shows, amathikithi adayisa aphele," kusho uThenjiwe.

 Umhleli weNight of Laughter uChingilis uthe ukuba noThenjiwe yinto abangasoze bayilibala ngoba kube yinto enkulu kakhulu kubona.
"UThenjiwe ukubeke kwacaca ukuthi ukuba uSomahlaya akuyona into yamadoda kuphela nabo bakhona njengabantu besifazane. Kanti lokhu kuzovulela nabanye besifazane amathuba."

 UThenjiwe uphethe ngokuthi, ukuba seZambia kumkhumbuze ukuthi kungani enza lomsebenzi. Wathi uzizwa ethobekile ngokuthi kube uyena kuphela owesifazane obekulomcimbi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

LIKHUTHAZE UBUNBANO UNYAZI EMKHOSINI WELEMBE

Inkosi yamaNazaretha uNyazi lwezulu lukhuthaze ubumbano esizweni. Lube selinxenxa amadoda ukuthi awuyeke lomkhuba wokubulala abantu besifazane. UNyazi belukhuluma eMkhosini weLembe eKing Zwelithini Stadium namhlanje. Ngendlela ebephume n...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose