News Avenue
News / Izindaba

USOLA ISIBONGO SAKHE UJACINTA NGORAMAPHOSA

USOLA ISIBONGO SAKHE UJACINTA NGORAMAPHOSA
LINDOKUHLE NGCOBO 

UNkk Jacinta Ngobese-Zuma onguMholi weMarch and March, usola ukuthi uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, unenkinga nesibongo sakhe esithi ‘Zuma’.

Usho (uMaNgobese-Zuma) lokhu ngemuva kokuthi ehlulekile ukuthola impendulo kuRamaphosa, lapho ezama ukuhlela umhlangano naye(Ramaphosa).

Lokhu kuvele ngesikhathi uMaNgobese-Zuma  ekhuluma nabezindaba kwimashi yeMarch and March elwisana nokufika kwabantu bokufika okungekho emthethweni eThekwini, namhlanje.

“Sekukaningi sizama ukuhlela umhlangano noMengameli kodwa akaphenduli. Ngiyacabanga unenkinga nesibongo esithi ‘Zuma’,” kusho uMaNgobese-Zuma.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMnuz Ngizwe Mchunu noMnuz Nkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba babenomhlangano noRamaphosa izolo. Kuvela ukuthi lo mhlangano ubizwe uRamaphosa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose