News Avenue
News / Izindaba

USIZWE YI SOCIAL MEDIA OBEHLUKUNYEZWA YISOKA

USIZWE YI SOCIAL MEDIA OBEHLUKUNYEZWA YISOKA
Lindokuhle Ngcobo 

KUMSIZILE ukuphumela obala ngokuhlunyezwa kwakhe yisoka, owesifazane oneminyaka engu-31 ubudala. UNksz Sinenhlanhla Nenezana Mthembu ongusomabhizinisi, ugonyuluke ezinkundleni zokuxhumana ngokuphathwa kabi yisoka lakhe, waze wafaka izithombe zakhe elimele.

Lona wesifazane usola amaphoyisa asesiteshini saseMlazi ngokushaya indiva icala alivule ngoLwesihlanu mhlaka 9 January. 

Ngemuva komsindo osuke ezinkundleni zokuxhumana mayelana nalesi sigameko, amaphoyisa aKwaZulu-Natal (KZN) adalule ukuthi asebophe umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala ngecala lokushaya intombi yakhe nokulimaza imoto yayo. 

Okhulumela amaphoyisa aseKZN  uColonel Robert Netshiunda uveze ukuthi ngokuthola kwabomthetho, lesi sigameko sodlame lwasekhaya senzeke ngoLwesihlanu kwa-V eMlaza. Wathi kukholakala ukuthi umsolwa wabizela umgilwa endlini yakhe (umsolwa)  ukuze ezolanda izimpahla zakhe(umgilwa). 

"Ngesikhathi umgilwa efika, kusolakala ukuthi umsolwa washaya umgilwa ngepayipi wamluma ngamazinyo. Waphinde wamshaya nangezandla. Kutholakale ukuthi umgilwa wabaleka waya emotweni kodwa umsolwa wamlandela(umgilwa) walimaza iwindi elingemuva lemoto, " kuchaza uNetshiuda.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose