USIZI KUTHOLAKALA NOBEKHULELWE KWABAMUKE EMSINGA
Kuphinde kwathokala nomunye umzimba eMakhabeleni.
Nokwenza zibe zine izidumbu esezitholakele.
Abahlonishwa baphinde bahambela nomndeni wakwaMalinga lapho okudlule khona emhlabeni umakoti wakhona okubikwa ukuthi ubekhulelwe. UMnuz Mandlenkosi Malinga uthe kumphathe kabuhlungu ukudlula emhlabeni kamakoti wakhe njengoba ebezithwele, ubelindele ukuba nomntwana kodwa lokho akusenzekanga njengoba umkakhe esedlule nalo usana emhlabeni .
UMhlonishwa uMeya udlulise amazwi enduduzo wathi uMkhandlu uzolekela ngayo yonke indlela kulemindeni elahlekelwe izihlobo zayo, ukuze ikwazi ukubafihla ngesizotha. Kanti kusaqhubeka ukuthungathwa kwabantu ababili okunethemba lokuthi bazotholakala maduze