News Avenue
News / Izindaba

USIZI KU MPOFU INKANTOLO ICHITHA ISICELO SEMKP

USIZI KU MPOFU INKANTOLO ICHITHA ISICELO SEMKP
SIZO BLOSE 

Usizi nendumalo kuvele kwabhalwa ebusweni buka Adv Dali Mpofu ngesikhathi inkantolo yomthethosisekelo ichitha isicelo seMKP.

Iqembu likaMnuz Jacob Zuma belifuna kuchithwe indaba yokumiswa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.

ULT-GEN Nhlanhla Mkhwanazi esithangabini nabezindaba wadalula ukuthi kunenkohlakalo enuka phu emaphoyiseni kanti nongqongqoshe uMchunu uyambhandakanyeka.

Lezi zinsolo zasusa umsindo zaholela ekutheni uMengameli Cyril Ramaphosa abize isithangami sabezindaba nokuyilapho athatha khona isinqumo sokuthi uMchunu kuzomele ahlabe ikhefu eliyisipesheli kodwa uzoqhubeka nokuba yilungu lephalamende futhi uzohola imali egcwele. 

Lokhu akwehlanga kahle kwi MK ngoba yayifuna uMengameli amkhombe indlela uMchunu. Kwelinye uhlangothi umengameli wavula ikhomishini ezophenya ngakho konke okwabekwa uMkhwanazi esithangabini sabezindaba.

Ibe seyiluthatha (MK) lolu daba yaluyisa enkantonto yomthethosisekelo nokuyilapho ehluleke khona.

UMpofu ngokwakhe ukubeke konke etafuleni obekuchaza ukuthi isinqumo sikaMengameli ngokwabo asikho emthethweni. Njengamanje kunongqongqoshe ababili bomnyango wamaPhoyisa, abahola ngokugcwele.

IMK iveze ukuthi isazohlangana ithathe isinqumo sokuthi iya kanjani phambili ngalolu daba.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose