News Avenue
News / Izindaba

USHIVAMBU USECULA ELINYE ICULA NGE-MK PARTY

USHIVAMBU USECULA ELINYE ICULA  NGE-MK PARTY
LINDOKUHLE NGCOBO 

KUSHINTSHILE ukudla epletini, uMnuz Floyd Shivambu obenguNobhala weMK Party egxeka leli qembu ahlubuke kulo.

 UShivambu osengumholi weMayibuye ubekhuluma eThekwini izolo ngesikhathi ephothula umhlangano wokuxhumana nomphakathi, njengoba egcina ngokuvakashela isifundazwe iKwaZulu-Natal(KZN).

Ekhuluma kulo mhlangano uShivambu uchithe izinkulumo ezithi, iMayibuye ihlubuke kwiMK Party. 

"Akuyona inhlangano ehlubuke kwi-EFF, akuyona inhlangano ehlubuke kwi-ANC, inhlangano ezakhe ngokuzimela, izobankulu konoMkhonto weSizwe(MK) Party, izobankulu kune-EFF, izobankulu kune-ANC. Akumele kubekhona omunye wethu ozothatha le nhlangano njengehlubuke emaqenjini amancane," kuchaza uShivambu.

Uqhube wathi abantu baseNingizimu Afrika abangakhathazeki uma engekho amalungu eMayibuye ajoyine leli qembu esuka kwiMK Party.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi uShivambu ephuma kwiMK Party, waveza ukuthi akasoze akhuluma kabi ngaleli qembu eliholwa ilowo owayenguMengameli kuleli uMnuz Jacob Zuma, wakhala ngabathize abasondelene noZuma abamenzela phansi.

Ngengoba uShivambu owayeyiPhini likaMengameli we-EFF esevakashele zonke izifundazwe zakuleli ukuxoxisana mayelana neMayibuye. Uveze(UShivambu) ukuthi umphakathi ufuna iMayibuye ingenele ukhetho lukahulumeni wasemakhaya luka-2026.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose