News Avenue
News / Izindaba

USEZOGXILA EBUFUNDISINI OLAXAZE I-ACTION SA

USEZOGXILA EBUFUNDISINI OLAXAZE I-ACTION SA
Umholi we-Action SA usezilaxaze phansi izikhundla ebenazo kuleli qembu.

 Engxoxweni ekhethekile neNews Avenue, uMfu Musa Kubheka uthe, besesifikile isikhathi sokuthi aqondane nempilo yakhe ngqo ngaphandle kokuncika kwabanye abantu.

Uvumile ukuthi kuyiqiniso ukuthi uyashiya ekubeni usihlalo waleli qembu kwisifunda iTheku kanti futhi useshiyile njengekhansela lomkhandlu elimele i-Action SA kuMkhandlu iTheku.

Uthe akagcinanga ngokushiya kwi politiki kuphela lapho esezoba yilungu nje. Kodwa useshiyile nakwibandla likaBhishobhi Dube, i-Ethekwini Community Church nabesehlale kulona iminyaka engaphezulu kuka 20.

"Empeleni sengisungule ibandla lami, iPinetown Community Church. Siyanxusa ukuthi abazalwane beze bazosijoyina kumbe basithinte uma befuna imininingwane ngebandla," kulandisa uMfu Kubheka.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwangenelela yena ngesikhathi i-ActionSA inezinkinga kusekhona uDkt Makhosi Khoza, wathi uma esuswa kwaqokwa yena, njengozohola kuMkhandlu emele i-Action SA.
Okhulumela leli qembu uSanelisiwe Zuma uvumile ukuthi useshiyile uKubheka wathi sekusele afungiswe kuphela lona ozongena esikhundleni sakhe. "Njengeqembu simfisela konke okuhle uKubheka enyathukweni azoyithatha," kubeka uMaZuma ngamafuphi.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose