News Avenue
News / Izindaba

USEZIBEKE PHANSI UMQEQESHI WE BAFANA BAFANA

USEZIBEKE PHANSI  UMQEQESHI WE BAFANA BAFANA
Umqeqeshi uHugo Broos waseBelgium useshiyile esikhundleni sakhe sokuba ngumqeqeshi weBafana Bafana. Lokhu kuvezwe iSAFA esingathangamini sabezindaba, eSAFA House, eGoli namhlanje.

Ekhuluma uMengameli weSAFA uDkt Danny Jordaan ubonge umsebenzi owenziwe nguBroos eminyakeni emhlanu.

"Ngifuna ukuthi ngiyabonga kakhulu Hugo ngomsebenzi wakho," kubeka uJordaan.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-74 ubudala ushiye iqembu lesizwe lisezingeni eliphezulu. Ngaphansi kukaBroos iBafana Ifinyelele emzuliswaneni wama-32 weNdebe yoMhlaba, okuyinto eyingqophamlando eqenjini lesizwe. Uthole(uBroos) indondo yethusi ku-AFCON 2023. Ubeke irekhodi lokuba ngumqeqeshi ohlale isikhathi eside kunabo bonke emlandweni weBafana, njengoba ehlale iminyaka emhlanu.

Okwamanje iSAFA ayikamemezeli ngokusemthethweni ozoba ngumqeqeshi weBafana, nokho kulindeleke ukuthi imemezele maduze. Kukhona amahlebezi athi, umqeqeshi uPitso Mosimane nguyena ozothatha izintambo kwiBafana.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose