USEQOME UKUSHENXA UGIGABA KWI-ANC NGUMA KOKUVELA ENKANTOLO NGENKOHLAKALO
Lokhu kulandela inkohlakalo ebeyenzeka kwaTransnet ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi uGigaba obebuye ahlanganiswe nomndeni wakwaGupta owaphuma ngesamagundane kuleli ngenxa yenkohlakalo ulilungu lesigungu esiphezulu se-ANC.
UGigaba kuzomele abhekane nezinkinga zakhe, uma etholakala emsulwa, uzobe esebuyela ekusebenzeleni inhlangano kube sekuya ngokuthi imjuba kuphi.