News Avenue
News / Izindaba

USENEQEMBU LAKHE OSANDA KWESULA KWI MKP

USENEQEMBU LAKHE OSANDA KWESULA KWI MKP
SIZO BLOSE 

Usesungule iqembu elisha osanda kwesula kwiMK Party.

 UMnuz Floyd Shivambu umemezele i-Africa Mayibuye Movement njenqembu elisha lezepolitiki.

Uthe yena unguMengameli wokuqala waleli qembu. Kuzokhumbuleka ukuthi uShivambu waxoshwa njengelungu le-ANC, ngaleso sikhathi wayekhulumela i-ANCYL.

UShivambu uxoshwe ngesikhathi uMholi we-EFF uJulius Malema enguMengameli we-ANCYL.

 Babe sebevula iqembu labo i-Economic Freedom Fighters. UShivambu ube iphini likaMengameli we-EFF kwaze kwaba uthusa abaningi ngesimemezelo sakhe sokushiya kwi,EFF esejoyina iMKP njengo Mgqugquzeli kuzwelonke.

Akahlalanga isikhathi eside kuleso sikhundla wagcina enguNobhala weMK.

 Nakhona ugcine eshiya njengoba esevule iqembu elisha.
Ngaphambi kokulivula uhambele zonke izifundazwe ezazisa ngaleli qembu.
Sizwe Blose

Written by

Sizwe Blose

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose