USELAXAZE ISIKHUNDLA UKENNY KUNENE
Kanti neqembu lakhe selithathe isinqumo sokumumisa eqenjini.
Konke lokhu kudalwe ukutholakala kuka Kunene ngoMsombuluko ehlezi nosomabhizinisi osolwa ngokubulala uDJ Sumbody.
Ngesikhathi amaphoyisa ezobopha lo somabhizinisi, uKunene wamphika wathi akamazi yena ubephelezela intatheli yakhe izokwenza udaba lwalo somabhizini.
Sekunezithombe zakudala okusolakala ukuthi ezalo somabhizinisi ezithathwe enoKunene.