USAZOBHADLA EJELE UMOGOTSI
Usomabhizinisi odumile waseNorth West uMnuz Brown Mogotsi, usazobhadla esitokisini ngemuva kokuthi iNkantolo yeMantshi yaseGoli ihlehlise icala lakhe namuhla.
UMogotsi kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngomhla ka-22 June 2026. Umbuso ucele ukuhlehliswa kwecala ukuze kunikezwe abameli bakaMogotsi ithuba lokulungisa nokwethula izizathu eziphathekayo ezizosekela isicelo sakhe(Mogotsi) sebheyili.
UMogotsi unqatshelwe ibheyili ngesonto eledlule. IMantshi u-Annelisa Thlapi yaveza ukukhathazeka ngokuthi umsolwa unamakheli amathathu ahlukene futhi akakhombisi ngokucacile ukuthi uhlala kuphi ngempela. Yilokho okube nomthelela ekutheni anqatshelwe ibheyili.