USAZIWAYO UKHATHAZEKILE NGECALA ABHEKENE NALO
UMolemo "Jub Jub" Maarohanye, ongumethuli wohlelo olubizwa ngeyaJola 99 kuMoja Love ukhathazekile ngecala abhekene nalo. Lokhu kuqinisekiswe abameli bakhe namhlanje eNkantolo kaMantshi yaseGermiston, lapho icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 17 September 2026.
Ukuvela kukaJub Jub enkantolo namhlanje, kulandela ukungafiki kwakhe enkantolo ngenyanga edlule ngenxa yokugula, okwenza ukuthi umbuso ukhiphe incwadi yokuboshwa kwakhe(uJub Jub). Nokho namhlanje inkantolo iyihoxisile leyo ncwadi yokuboshwa ngemuva kokuba abameli bakaJub Jub baveze isitifiketi sikadokotela.
Abameli bakaJub Jub batshele abezindaba ukuthi unengcindezi enkulu ngenxa yaleli cala, futhi lokhu kumphazamisa kakhulu nasemsebenzini wakhe wokuthola amakhonsathi njengakuqala.
UJub Jub ubhekene namacala amabili okuhlanganisa ukudubula ngesibhamu endaweni yomphakathi nokukhomba umuntu ngento ebukeka njengesibhamu. Lolu daba lusuka esigamekweni sango-June lapho kwakukhona ukuxabana phakathi kukaJub Jub nomshayeli we-e-hailing e-Edenvale, lapho amsola khona ngokuthandana nentombi yakhe(uJub Jub). Njengamanje uJub Jub usangaphandle ngebheyili ka-R5 000.