News Avenue
News / Izindaba

URAMAPHOSA UZOKHULUMA NESIZWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI

URAMAPHOSA UZOKHULUMA NESIZWE NGEZINSOLO EZIVEZWE UMKHWANAZI


LINDOKUHLE NGCOBO

IBHEKWE ngabomvu inkulumo kaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, okulindeleke ukuthi ayethule ngeSonto ngehora lesi-7 ebusuku. 

Kule nkulumo kubhekwe ukuthi uRamaphosa abhekane ngqo nezinsolo ezivezwe uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngeSonto mhlaka 6 July, esithangamini sabezindaba eThekwini. Ngesikhathi uMengameli uRamaphosa ehambele iBRICS summit eBrazil. 

UMkhwanazi waqopha umlando enekela izwe izinsolo zobugebengu zangaphakathi embuthweni wamaphoyisa. Kulezi zinsolo uMkhwanazi waphuma iqhulu noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Senzo Mchunu nePhini likaKhomishana wamaphoyisa Lt General Shadrack Sibiya. 

UMkhwanazi uveze amagama ongqondongqondo bobugebengu, abasola ngelithi basebenzisana noMchunu. Kubo okukhona umlisa waseNorth West u-Oupa "Brown" Mogotsi noVusumuzi "Cat" Matlala oboshwe ekuqaleni kwalo nyaka ngezinsolo zokubulala owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane, ngo 2023.

Kubhekwe ukuthi uRamaphosa aphumele obala ngezinyathelo ezizothathwa ngezinsolo ezivizwe uMkhwanazi, aphinde(Ramaphosa) abuyise isithunzi samaphoyisa.
Lindokuhle Ngcobo

Written by

Lindokuhle Ngcobo

Editor

More in News / Izindaba

News / Izindaba

ISILO SAMAZULU SIGUBHE USUKU LOKUZALWA NABEZEMVELO

Isizwe samaZulu nenhlangano, i-Ezemvelo KZN Wildlife sibungaze usuku lokuzalwa kweNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini namhlanje. Lolu suku lubuyisele inkumbulo emlandweni ojulile phakathi koBukhosi beSilo noPhiko lwezemvelo k...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFUNWA ABABULELE 11 WABANTU KWAMAKHUTHA

SIZWE BLOSE Sekwenzeke isibhicongo KwaMakhutha endaweni ebizwa ngokuthi kuseZiko. Izolo ebusuku kungene abantu komunye yemizi endaweni, bavulela ngenhlamvu kwafa abantu abangu 10, abane baphuthunyiswe esibhedlela, oyedwa kubona washonela...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUFE IPHOYISA KUQUBUKA UMLILO

LINDOKUHLE NGCOBO Kuphenywa isisusa somlilo odlule nomphefumulo wephoyisa lomgwaqo(RTI) elihlonishwayo. UPatrotic Provincial Inspector Shane Simpson, ushone ngesikhathi imoto yombuso abeyigibele esemsebenzini isha ingqongqa izolo ebusuku...

Sizwe Blose Sizwe Blose
News / Izindaba

KUHLATSHWE ISOYI LOKWAKHA IZINDLU

SIZWE BLOSE EMkhandlwini waseMsinga oholwa UMhlonishwa uMeya Cllr Dr FJ Sikhakhane. USomlomo Cllr S. G Masimula uhambele endaweni yaso Suthu, esiHlabeni nakwaNogawu kuWard 5 oholwa uCllr V.S Ndlovu. Kuloluhambo kuvulwe ngokusemthethweni ...

Sizwe Blose Sizwe Blose